Abokufika babanjwe inkunzi ngamaphoyisa aseKapa

Abanikazi bezitolo bokufika kuleli elokishini iThabo Mbeki, eKapa bathi babe yizisulu zokugebenga okusolwa ukuthi zenziwe ngamalungu e-SAPS.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-9.30 ebusuku ngoMgqibelo.

Ngokusho komunye wabanikazi besitolo ongathandanga kudalulwe igama lakhe, amaphoyisa akwaSAPS angqongqoze emnyango wesitolo ngokushesha aqala ukubuza ukuthi kungani kunesibhamu emagcekeni.

“Basiyalele ukuthi silale benza sengathi basisesha kodwa kwacaca ukuthi inhloso yabo wukuntshontsha imali yethu,” usho kanje.

Amaphoyisa aqhubekile nokusesha isitolo ase ephuma nemali engaphezulu kuka-R5,000.

“Asivamisile ukuvula ngesikhathi sika-load shedding kodwa kuthe uma sibona ukuthi bangamaphoyisa sabona ukuthi kulungile asikaze siwasole ukuthi yizigebengu,” kusho umnikazi wesitolo.

Ngesikhathi abanikazi bezitolo besalele phansi njengokuyalelwa kwabo, amaphoyisa athole ithuba lokubagebenga.

“Basixwayise ngokuthi singasukumi baze bahambe,” kwenezela umninisitolo.

Emuva kwalesi sigameko izisulu ziphendukele esiteshini samaphoyisa endaweni yazo ngethemba lokuthi zizovulela amaphoyisa athintekayo icala.

“Ngashaqeka lapho ngitshelwa ukuthi angilutholi usizo ngoba ngangingenayo inombolo yokubhalisa yemoto noma amagama ayo.”

Amaphoyisa abefihle ukuthi angobani. Bebengazigqokile izigqebhezana zamagama futhi bezimboze ubuso, izisulu zisale bengenazo izindlela zokuzichaza.

“Kubukeka sengathi la maphoyisa antshontshe imali yethu ayaphela ubugebengu bawo,” kusho umninisitolo.

ULulamile Bzana, 45, oyisakhamuzi, ukhulume ngendlela ephazamisa kakhulu, ethi amaphoyisa eSAPS sekunesikhathi eside eqola abokufika.

 

ISIKHANGISO

“Sebejwayele ukuthatha izinto ezitolo zabokufika,” kusho uLulamile.

Ephendula lezi zinsolo, okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uCaptain Frederick van Wyk ukugcizelele ukuthi amalungu abo ahambisana nemithetho yokuziphatha.

“Ummangali uyakhuthazwa kakhulu ukuthi afake isikhalo kubaphathi bamaphoyisa noma abe-Ipid ukuze kube nophenyo lokuqondisa izigwegwe ngalezi zinsolo,” kusho uVan Wyk.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE