Kuthungathwa abesilisa ababili ngokugebenga isitolo sakwa-KFC oThongathi

Abasolwa ababili abebehlomile bathungathwa ngecala lokugebenga elenzeke kwa-KFC kuGopalall Hurbans Road enkabeni yedolobha oThongathi ngoMgqibelo ntambama.

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-20:51 ebusuku ahlangana nabasebenzi.
Abasebenzi bachaze ukuthi abesilisa ababili bangene esitolo sakwa-KFC babaphuca isamba semali esingadalulwanga ngaphambi kokuba babaleke ngezinyawo.

ISIKHANGISO

Abekho abantu abalimele ababikiwe kulesigameko.

AbakwaReaction Unit South Africa benze uphenyo olunzulu befuna oshayasibhamu kodwa namanje basagcwele amathafa.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE