Error

I-ANC KwaZulu-Natal ithi inethemba lokunqoba ukhetho lukazwelonke ngo-2024

Unobhala we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthi i-ANC ayingabazi ukuthi izolunqoba ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.

Uthi alikho iqembu elinabalandeli abaningi esifundazweni saKwaZulu-Natal ukwedlula i-ANC, futhi abanalo uvalo, ngeke basatshiswe ngamaqembu amancane ngoba lawo maqembu awanawo amandla okuphatha isifundazwe,yingakho benethemba elikhulu lokuthi bazoqhubeka nokubusa esifundazweni iKwaZulu-Natal.

UMtolo ukusho lokhu esithangamini sabezindaba eThekwini namhlanje ekomkhulu le-ANC.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE