Error

I-IEC ithi konke kuhamba kahle ngokhetho lukazwelonke lwango-2024 nakuba usuku lokhetho lungakamenyezelwa

I-Independent Electoral Commission (IEC) ithi konke kuhamba kahle ngokhetho lukazwelonke lwango-2024 nakuba usuku lokhetho lungakamenyezelwa.

Isikhulu esiphezulu uSy Mamabolo sithi ikhomishini kade ikhuluma noMengameli.

Uthi ikhomishini izobe isilungele noma yiluphi usuku ewindini likaMeyi kuya ku-Agasti ngonyaka ozayo.

Uthe, “silindele ukuthi njengoba bekwenzeka eminyakeni engamashumi amathathu edlule, usuku lokhetho lwesifundazwe luzohambisana nokhetho lukazwelonke”.

IKhomishana yoKhetho yaseNingizimu Afrika yethule ngokusemthethweni uhlelo luka-2024 Lukazwelonke Nokhetho Lwezifundazwe (NPE 2024) njengendlela yokumemezela ukulungela kwayo ukusingatha izigidi zabavoti abafanelekile eziteshini zokuvota ezingaphezu kuka-23 296 ezweni lonke ngonyaka ozayo.

Ngokusho kweKhomishana yoKhetho, i-NPE 2024 izoba ngumlando, njengoba abantu abazimele bezokwazi, okokuqala ngqa, bengenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe.

Umthetho ovumela ukubamba iqhaza kwabantu abazimele usayinwe waba umthetho ngoMbasa nguMongameli Cyril Ramaphosa.

IKhomishana, eholwa usihlalo wesikhungo uMosotho Moepya kanye no-Sy Mamabolo, iSikhulu Esiphezulu Sokhetho, yengamele ukwethulwa kwe-NPE 2024 eGallagher Estate eMidrand futhi ibihanjelwe izinhlaka ezehlukene, okuhlanganisa namaqembu ezombusazwe.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE