UJessie Duarte ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngokuthula namuhla

IPhini likaNobhala we-ANC uJessie Duarte ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngokuthula namuhla

UMengameli uCyril Ramaphosa wethule amazwi enduduzo emngcwabeni wePhini likaNobhala-Jikelele we-ANC uJessie Duarte eGoli ngeSonto.

U-Duarte ushone ngeSonto ekuseni ngemuva kokuxinwa umdlavuza.

UDuarte, 68, ube yiPhini likaNobhala we-ANC kusukela ngo-2012 kanti ubeyilungu lesigungu esiphezulu sale nhlangano kusukela ngo-2002.

“Sihlangana lapha ngosizi nokungakholwa, nakuba umlingani wethu esimthandayo, uJessie enezinyanga ezimbalwa egula, kunzima ukuqonda ukuthi ukhona umuntu onobungqabavu obunjalo nomoya onjena usehambile kulo mhlaba,” kusho uRamaphosa.

“Iminyaka engu-25 ubesesigungwini esiphezulu kuzwelonke.

“Futhi kusukela eminyakeni yobusha bakhe kuze kube yizinsuku zakhe zokugcina, usebenzele abantu baseNingizimu Afrika ngokuzinikela, ngokuzithoba nangentshiseko eyivelakancane.

“Wasebenza kanye nabaholi abakhulu bomzabalazo wethu, wafunda ipolitiki yenkululeko kubaholi abafana noMama u-Albertina Sisulu, u-Oom Beyers Naudé noMadiba.

“UComrade Jessie uwugijimile umjaho wakhe, imicabango nemikhuleko yesizwe sethu isemndenini kulesi sikhathi esinzima.

“Isizwe siyahlanganyela osizini lwakho. Sengathi ningaduduzeka ngokwazi ukuthi impilo yalesi sihlabani sobuzwe isigqugquzele sonke futhi igalelo lalo alisoze lalibaleka.

“Sengathi sonke singalwela ukuhlonipha impilo yakhe ngokwenza konke okusemandleni ethu, singagodli amandla noma isibindi, ukuze sizuze umphakathi okhululekile, obumbene nolinganayo awulwela ngokukhulu ukuzimisela.

“Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula, hamba Kahle Umkhonto wesizwe, kwengeza uRamaphosa.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE