U-Ace Magashule uthi maningi amalungu e-ANC azoboshwa ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi

UNobhala Jikelele omisiwe, u-Ace Magashule, uthi amanye amalungu e-ANC azoboshwa ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba. Ngokusho kukaMagashule osengundabuzekwayo, uyazi ukuthi bafuna ukubopha bani (i-ANC). Sebezobabopha ukuze kuthi uma kufika ingqungquthela kuphume lo, omunye uphume, omunye aphume. Sinalo uhlu lwabo bonke abafuna ukubabopha futhi siyazi ukuthi abanawo amacala esibhekene nawo. Kodwa akumele sikuvumele lokho,” kusho uMagashule.

U-S.G osamisiwe uveze lezi zinsolo esidlangalaleni ngesikhathi ekhuluma nedlanzana lamalungu e-ANCWL, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseGoli. Uke waya enkantolo eyokweseka uNksz Bathabile Dlamini owagwetshwa iminyaka emine ebhadla ejele uDlamini noma inhlawulo ka-R200 000 ngokuqamba amanga, ingxenye yesigwebo silengiswe iminyaka emihlanu. Isigwebo esikhishwe yiMantshi uBetty Khumalo sisho ukuthi uDlamini uzokhokha inhlawulo ka-R100 000, u-R20 000 awukhokha ngoLwesihlanu, ukuze angagqunywa ejele iminyaka emibili.

UMagashule uthi usamile ekutheni icala elibhekene nomengameli we-ANC Women’s League (ANCWL) uBathabile Dlamini bekumele kuvalwe amathuba okuthi abuye ihlandla lesibili njengomengameli walolu phiko. Unxuse amalungu eRET ukuthi “alwe nepolitiki”, abezenzela yena. “Siya engqungqutheleni, siya engqungqutheleni yemigomo. UMsholozi [owayengumengameli Jacob Zuma] kumele eze, atshele uMsholozi ukuthi angathuli,” usho kanje ngesikhathi isixuku sakhe esincane sichwaza.

U-Ace Magashule uphinde waveza ukuthi ukhulume noNksz Lindiwe Sisulu othe uyameseka uDlamini. Uthi uphinde wakhuluma noJulius Malema owamtshela ukuthi naye adlulise umyalezo wokumeseka uDlamini. UMagashule uthi uJulius uyingane ye-ANC.

#Umbuzo: Ngabe lokhu kusho ukuthi ozakwabo bakaMagashule ebugebengwini bazovezwa ngesikhathi sokuqulwa kwecala lakhe kanye nelabanye abangani bakhe beRET? Mhlawumbe usezimisele ngokukhuluma konke ukuze angehli yedwa,kuthini okwakho ukuphawula?

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE