UMagashule uyehluleka ukuthi amacala enkohlakalo abethweswe wona ahoxiswe

UMagashule usamile kwelokuthi umsulwa, wathi amacala abekwe wona ahambisana nepolitiki.

INkantolo eNkulu yaseFree State isichithile isicelo sika Nobhala-Jikelele we-African National Congress (ANC) osamisiwe u-Ace Magashule kanye nezicelo zabanye abasolwa zokuthi zihoxiswe amacala enkohlakalo odabeni lwe-asbestos.

Lokhu kulandela ukuthi uMagashule nabanye asolwa nabo bengabaze ubuqiniso bamacala enkohlakalo nokukhwabanisa abathweswe wona, begcizelela ukuthi amacala ahoxiswe.

NgoMsombuluko inkantolo izichithile izicelo nezindleko, yathi izicelo zikaMagashule naboshwe nabo azikafiki isikhathi ngakho kumele balinde inkantolo.

“I-NPA iyasamukela isinqumo futhi manje izogxila ekuqinisekiseni ukuthi ingqungquthela yokuqulwa kwamacala iyaphothulwa ngosuku olulandelayo lwenkantolo ukuze kuhlelwe usuku lokuqulwa kwecala,” kusho okhulumela i-NPA uMthunzi Mhaga.

“Sihlale sisamile ekutheni zonke izindaba ezivulwe ngabasolwa kumele zivulwe yinkantolo uma sekuqala ukuqulwa kwamacala. I-NPA ithembele ngokuphelele emandleni ecala layo futhi izovumela ubufakazi buzikhulumele ngesikhathi sokuqulwa kwecala.”

UMagashule nabasolwa babhekene namacala angaphezu kuka-70, okuhlanganisa awokweba, inkohlakalo nokushushumbisa imali ahlobene nethenda ka-R255 million.

Icala lisukela ngo-2014, lapho uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eFree State unikeza iDiamond Hill neBlackhead Consulting inkontileka yemali engu-R255 million.

Lokhu kwakuhlobene nokuhlola i-asbestos ezindlini zaseFree State, nokho, umsebenzi awuzange wenziwe naphezu kokuhwebelana ngemali.

Kamuva kwavela umsebenzi obiza u-R21 million kuphela – owanikezwa inkampani enolwazi lwangempela kulo mkhakha – wenziwa.

UMagashule usamile kwelokuthi umsulwa, wathi amacala abekwe wona ahambisana nepolitiki.

Eceleni kukaMagashule, abasolwa abalandelayo baphinde baquliswa amacala:

Usomabhizinisi u-Edwin Sodi,
INhloko yoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eFree State, uMnuz Nthimotse Mokhesi,
Usomabhizinisi uSello Radebe,
OwayenguMqondisi-Jikelele woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke uMnuz Thabane Zulu,
OwayenguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni uSarah “Olly” Mlamleli,
Umqondisi wophiko lwezokuhlaliswa kwabantu eFree State uMahlamola Matlakela,
Usomabhizinisi u-Abel Manyeki,
Nozipho Belina Molikoe, isikhulu sezezimali somnyango wesifundazwe wezokuhlaliswa kwabantu ngo-2014,
Thabiso Makepe, unjiniyela omkhulu womnyango, kanye
Albertus Venter, inhloko yomnyango wezomthetho ehhovisi likandunankulu waseFree State.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE