UMongameli Cyril Ramaphosa uqoke uRaymond Zondo njengeNhloko yamaJaji

NgoLwesine uMengameli uCyril uqoke iPhini LeNhloko Yezobulungiswa kanye nosihlalo wophenyo lokubanjwa kombuso uRaymond Zondo njengenhloko yamajaji eNingizimu Afrika.

UZondo ubebambe lesi sikhundla ngemuva kokuphela kwehlandla likaMogoeng Mogoeng ngo-Okthoba nyakenye.

Ngokwesitatimende seHhovisi likaMengameli ngoLwesine ntambama, isinqumo sikaRamaphosa silandela ukubonisana neJudicial Service Commission (JSC) nabaholi bamaqembu ePhalamende likazwelonke ngabaqokwe abane esikhundleni esiphezulu.

“NgokoMthethosisekelo, iJaji Elikhulu liyinhloko yezobulungiswa futhi linomthwalo wemfanelo wokusungulwa nokuqapha imikhuba namazinga okwenziwa komsebenzi wezobulungiswa wazo zonke izinkantolo,” sifunde isitatimende.

Ngemuva kwenhlolokhono yalaba abane, i-JSC iphakamise ukuthi uJustice Mandisa Maya athathe isikhundla sobulungiswa, kodwa uRamaphosa unezinye izinhlelo ngaye.

“Njengoba uJustice Zondo ethatha isikhundla sokuba yiNhloko yamaJaji, isikhundla sokuba yiphini lenhloko yamajaji sizobe singenamuntu. UMengameli uRamaphosa uveze inhloso yakhe, uma iNhloko yamaJaji entsha iqala ukusebenza, ukuphakamisa uJustice Mandisa Maya esikhundleni sokuba yiphini lejaji eliyinhloko. Lokhu kuqokwa kuzoncika ohlelweni olubekwe eSigabeni 174(3) soMthethosisekelo,” kwengeza isitatimende.

Ngenyanga edlule, iKhomishana Yemisebenzi Yezobulungiswa ngemva kwenqubo ephikisanayo yaphakamisa iJaji uMandisa Maya esikhundleni seJaji Elikhulu. URamaphosa uqoke iPhini lakhe Lejaji Elikhulu.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE