Kushaqwe i-cobalt hydroxide engabiza u-R6,5 million eKZN

Namuhla ngo-09:00 ekuseni KwaZulu-Natal, amaphoyisa ophiko lweProvincial Investigation Unit elekelelwa i-Ethekwini District Task Team kanye nenkampani yonogada ezimele adlulele endaweni yokugcina impahla ekuQuality Street eJacobs. Ithimba belilandela izikhwama ezine-cobalt hydroxide ezebiwe eGauteng. Amaphoyisa agasela emagcekeni ukuze enze incwadi egunyaza ukusesha.

Ngesikhathi amaphoyisa asesha athole izikhwama ezingu-48 ze-cobalt hydroxide ebezifihliwe. Izikhwama zebiwe endaweni yokugcina izimpahla kuPrelude Avenue eGauteng. Isikhwama ngasinye sasinesisindo esingama-736kg.

Amaphoyisa afike kule ndawo ashaqa umkhiqizo obekumele uhanjiswe phesheya kwezilwandle kusasa. Izikhwama ezitholiwe ezinenani lika-R6, 5 million zihlonzwe ngumnikazi osemthethweni.

Kusolwa ukuthi ngomhlaka-6 Januwari 2022, kwebiwa izikhwama ezingu-48 ngesikhathi zigcinwe endaweni yokugcina impahla eGauteng. Impahla eyebiwe yathuthelwa eThekwini ngomhlaka-31 Januwari 2022.

Icala lokweba labhaliswa esiteshini samaphoyisa eGauteng. I-cobalt hydroxide etholiwe iyimpuphu eluhlaza esetshenziswa njenge-ejenti yokomisa upende, ama-varnishes, oyinki futhi iphinde isetshenziswe njenge-catalyst ekwenzeni ama-electrode ebhethri. Amaphoyisa asathungatha abasolwa.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE