Kulimale abangu-16 ngemuva kokugingqika kwetekisi yashayisa udonga ePaarl

 

Amaphoyisa asePaarl aphenya icala lokushayela budedengu kulandela ingozi yetekisi eyenzeke ku-N1 phakathi komgwaqo uVan Riebeeck noCecilia ePaarl, lapho kwalimala khona abantu abangu-16. Itekisi yagingqika yashayisa udonga lwezindlu eziseduze nothelawayeka.

Okhulumela amaphoyisa uJoseph Swartbooi uthe le ngozi yenzeke ngaphambi kwehora lesishiyagalombili ekuseni izolo ngesikhathi itekisi belibangise eKapa. Uthe: “Imibiko yokuqala ngesigameko ikhomba ukuthi umshayeli wemoto uhluleke ukuyilawula, okuholele ekutheni imoto igingqike. Abantu abangu-16 bebengaphakathi emotweni ngesikhathi sengozi.”

“Amaphoyisa asePaarl abhalise icala lokushayela budedengu ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uSwartbooi.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 kanye nabezimo eziphuthumayo baseWestern Cape Government baphendule ngokushesha endaweni yesigameko.

Izithombe: IOL

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE