UMalume ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-13

 

Owesilisa oneminyaka engu-35,ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula umshana wakhe, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Olebogeng Tawana uthe umalume ugwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseDe Aar ngoMsombuluko.

“Ngo-Okthoba 2017 umsolwa wadlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-13. Ngelanga lesigameko isisulu sasigadwe umalume waso, unina esemsebenzini. Ngemuva kokudlwengula isisulu wasitshela ukuthi singatsheli muntu ngesigameko sokudlwengulwa, esabisa ngokusibulala.

“Ngomhlaka-26 kuMasingana 2018, isisulu sabikela unina ngesigameko sokudlwengulwa. Ukuhlolwa kodokotela kwaqinisekisa ukuthi isisulu sikhulelwe futhi umdlwenguli waboshwa ngokushesha. Kwenziwa ulibofuzo imiphumela ihlobanisa umalume nokukhulelwa kukamufi,” kusho uTawana.

Umalume watholwa enecala lokudlwengula ngoNovemba nyakenye.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE