Error

UMasipala weTheku uyayichitha imibiko yezinsolo zokweba ezenziwa yisikhulu sikamasipala

UMasipala weTheku usuqaphele i-video ethi omunye wabasebenzi bakhe untshontsha izimpahla ezinikelwe. UMasipala uqinisekisa okulandelayo:

“Umshayeli ubengebi.Ungomunye wabasebenzi boMasipala oPhikweni lokuhlanganyela komphakathi futhi unikezwe umsebenzi wokuhambisa umnikelo kwelinye lamalokishi”, kusho uMasipala.

“Singaphinde siqinisekise imibiko yokuthi ezinye zezakhamuzi ziphikelela ukuthi izimpahla ezinikelwe zilethwe ezindaweni esizikhethele zona”.

“Kuyadabukisa ukuthi isisebenzi esibuzwayo sidicilelwe phansi isithunzi saso ngale ndlela”, kuqinisekisa UMasipala.

UMasipala weTheku unxusa ukuba umphakathi uyeke ukudala nokusabalalisa izindaba ezingamanga.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE