UDuduzane Zuma uziqhelelanisile neqembu likayise iMK

UDuduzane Zuma uziqhelelanisile neqembu likayise UMkhonto Wesizwe (MK), wathi uzolimemezela ngenyanga ezayo iqembu lakhe.

UDuduzane Zuma kuthiwa utshele, iphephandaba Isolezwe ukuthi uzomemezela iqembu lakhe ngenyanga ezayo futhi akahlangene neqembu loMkhotho weSizwe (MK) esanda kulisungulwa uyise uMnuz Jacob Zuma.Umkhonto Wesizwe,uZuma uzibophezele ukuthi uzobeseka okhethweni.

Kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-3million abantu asebejoyine uMkhonto weSizwe ngokusebenzisa isizindalwazi sabo, kanti basanethemba lokuthi bazonqoba, kusho iqembu. UMengameli Cyril Ramaphosa ucashunwe ethi i-ANC iyalwazi lolu daba, kodwa iqembu alikakawuphenduli lo mbuzo ngokusobala ezingeni likazwelonke.

Uthe wonke umuntu unelungelo lokuveza ukuthi uzolivotela liphi iqembu abeke nezizathu. Phambilini uDuduzane uke wamemezela ukuthi uzongenela isikhundla sikamengameli wezwe. Kwathunyelwa imibuzo ethimbeni likaDuduzane mayelana nodaba lweMK. Impendulo ithi cha, akahlangene nayo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE