Usethathwa njengo ngcweti wezibalo uSibahle Zwane osemncane oxazulula izinkinga ezinzima zezibalo

Iphini likashansela wase-University of Cape Town (UCT), uMamokgethi Phakeng, ufuna “ungqondongqondo wezibalo” oneminyaka engu-14 ubudala ukuthi ajoyine le nyuvesi.

Amavidiyo kaSibahle Zwane osemncane asabalale ngemuva kokuxazulula izinkinga ezinzima zezibalo, amenyezela ukuthi “uyingcweti yezibalo”.

Iphini likashansela wase-University of Cape Town (UCT) uMamokgethi Phakeng uphendule la ma-video ethi ufuna ukukhokhela izifundo zale ngane eneminyaka engu-14 ubudala.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uthisha wezibalo wakule nyuvesi naye ephendule ngekhono elimangalisayo lomfana lokuxazulula izibalo. Akukhona okokuqala ukuthi ama-video kaZwane enze imizuliswano yawo eNingizimu Afrika

I-BBC News nayo ike yabika ngoZwane, yametha “isibali somuntu”. Abantu abaningi baseNingizimu Afrika sebehlangene beseka lo mfanyana, bemnika imifundaze kanye nokuthembisa ngemali yokufunda.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE