Sekuveziwe isizathu sokunyamalala komsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi

Ukuduka komsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi sekuqubule imibuzo eminingi. Abalaleli abaningi sebeqalile ukuzibuza ukuthi ushonephi uSbu? Abanye basola ukuthi unikwe isikhundla esiphezulu kanti abanye bacabanga ukuthi usemisiwe.

Umthombo udalule ukuthi kumanje uSbu umatasa nezifundo zakhe. ‘Umatasa ulungiselela izivivinyo zokuqala konyaka kulezi zinsuku.’ Kusho umthombo.

Esinye sezikhulu kwaSABC uGugu Ntuli uthe uSbu useke wahlaba ikhefu emsakazweni ukuze agxile ezintweni zakhe. Usengomunye wabasebenzi bethu esiqashiwe, uzobuya emoyeni maduze.’ Njengamanje uhlelo lukaSbu oluthi ‘Indumiso’ lushayelwa nguThembeka Zondo Cele.

Lolu hlelo luke lwephula amarekhodi ngesikhathi luhamba phambili luhlula imidlalo yasekuseni neyantambama edlala phakathi nesonto.

Lolu hlelo luphinde lwahlabana ngendondo kuma-SABC Crown Gospel Awards.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE