AmaBhokobhoko azoletha iNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika ngoLwesibili

0

AmaBhokobhoko aziwa kakhulu ngokuthi, Ompetha bomhlaba,azobuya neNdebe yoMhlaba ngoLwesibili.

I-SA Rugby iqinisekise ukuthi amaqhawe esizwe azobuya eNingizimu Afrika esuka eFrance ngoLwesibili, zingu-31 kuMfumfu esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.

Ingqungquthela yabezindaba izohlelwa e-OR Tambo uma kufika amaBoks.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko u-Jacques Nienaber ozoshiya iNingizimu Afrika eya e-Ireland maduze nje uzojoyina ukapteni u-Siya Kolisi namanye amalungu eqembu akhethiwe engqungqutheleni yabezindaba.

Esitatimendeni esikhishwe yiSA Rugby, amaBoks kulindeleke ukuthi abuye eNingizimu Afrika ngo-12h00 ngoLwesibili.

AmaBhokobhoko aqhubekile nokuhlula i-All Blacks ngephuzu elilodwa nje vo emuka nesicoco, kwaba yizwe lokuqala emhlabeni ukunqoba izindebe zoMhlaba ezingu-4.

UKolisi ohole iqembu linqoba iNdebe yoMhlaba kulandelana uthi akakwazi ukuchaza ngamagama ukuthi lokhu kusho ukuthini kuye.

Ekhuluma engxoxweni yangemuva komdlalo, uKolisi uncome i-All Blacks ngokuba yizimbangi ezifanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE