ISundowns Ladies ihamba ezinyathelweni zeqembu labesilisa leSundowns ngokunqoba

0

IMamelodi Sundowns Ladies idlulele kowandulela owamanqamu weCaf Women’s Champions League lapho izobhekana khona ne-Asfar Rabat yaseMorocco ngoLwesithathu ebusuku.

IMamelodi Sundowns Ladies ingene kowamanqamu weCaf Women’s Champions League okwesithathu kulandelana ihlula i-Asfar Rabat yaseMorocco ngo 1-0 kowandulela owamanqamu e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast.

Lo mdlalo obungoLwesithathu ebusuku ubungowokucasuka kwazise i-Asfar ibukise ngeSandawana kowamanqamu nyakenye ngesikhathi ihlwitha isicoco ibahlula ngo 4-0.

La maqembu ahlangane ngo-2021 kanti amaBrazilians abe yiqembu lokuqala ukuphakamisa indebe. Kulokhu zihlangane zodwa esigabeni samaqoqo zadlala ngokulingana ngo 0-0.

Iqembu likaJerry Tshabalala lingene kowandulela owamanqamu njengoba liqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kokuyinqoba yomithathu imidlalo yamaqoqo.

Ihlule i-JKT Queens yaseTanzania ngo 2-0, yase ishaya iSporting Casablanca yaseMorocco ngo 1-0 ngaphambi kokushaya iqembu lasekhaya i-Athletico Abidjan, ngo 3-0.

I-Asfar ilale isibili kuGroup B ngamaphuzu ayisithupha. Ivule umqhudelwano ngokuhlulwa ngo 2-1 yi-Ampem Darkoa yaseGhana, kodwa yalulama inqoba iHurricanes yase-Equatorial Guinea ngo 1-0 ne-AS Mande yaseMali ngo 2-0.

Kusheshe kwacaca ukuthi kunempi phakathi kwala maqembu esiwombeni sokuqala kwazise womabili amaqembu akhombise ukuzimisela ngesikhathi ekhuza onompempe.

Lokhu kube nomthelela ezingeni lebhola ebelidlalwa njengoba bekugcina kungasafikeki kahle phambili kuzona zombili izinhlangothi.

AmaSandawana abezama ukusebenzisa uChuene Morifi noNonhlanhla Mthandi ukuthi kube yibona abathwala ibhola kodwa bahluleke ukuligobela epalini ngendlela efanele uma sebefike phambili.

I-Asfar nayo ibingazibekile phansi kubhidlange uGhizlane Chebbak noFatima Tagnaout, ababewuhlupho nangonyaka odlule ngesikhathi la maqembu edudulana kowamanqamu.

ISIKHANGISO

Kuze kwayiwa ekhefini zibambene ngo 0-0, onozinti bobabili bengakavimbi mabhola athusayo.

Isiwombe sesibili siqale kangcono iSundowns isikwazi ukuligcina ibhola, kukhombisa ukuthi kukhona umqeqeshi abacebise ngakho ngesikhathi sekhefu.

Ithuba lokuqala litholwe nguRefilwe Tholakele, ngomzuzu ka-51, ephenduka nebhola ngaphandle kwebhokisi ngaphambi kokudonsa intambo eceze kancane epalini.

Uphinde wazama ekude ngomzuzu ka-66 noka-70, kwasebenza unozinti we-Asfar, uKhadija Er-Rmichi kuzo zombili izikhawu.

Kugcine kukuhle kumaSandawana ngomzuzu ka-73, uRabale eshaya ishodi eliye enethini kulandela ukuhluleka kukaRabat ukulisusa ibhola ekhoneni.

Leli qembu laseMorocco belizama ukuhlasela ukuze lithole igoli lokulinganisa kodwa kwaba nzima ngoba iSundowns ibiyimpintshe endaweni yayo yenkundla, umdlalo waphela ngo 1-0.

ISundowns izobanga isicoco neqembu elizowina phakathi kwe-Ampem Darkoa neSporting Casablanca. Umdlalo wamanqamu uzoba se-Amadou Gon Coulibaly Stadium ngeSonto ngo-10 ebusuku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE