Usomahlaya owawina izindondo uSkhumba Hlophe unqabile isiphakamiso seSABC sokujoyina iMetro FM.

ISunday World idalule ukuthi uHlophe ubesohlwini lwabazojoyina iMetro FM,ohlelweni luka-DJ Sabby lwasekuseni kusukela ngo-Ephreli 3.

Imithombo emibili engashayi eceleni esondelene nalezi ziteshi zombili, ikuqinisekisile ukuthi uHlophe, ongumdidiyeli wohlelo oluphuma phakathi kwamabili kuKaya FM noThomas Msengana, wavala amehlo ebhekile isanqante ebesilengiswe phambi kwakhe wumsakazo omkhulukazi eNingizimu Afrika. .

Imvukuzane engathandanga ukudalulwa ithe ngemuva kokuthola lesi sicelo sokumncenga emlonyeni, uHlophe waya kubaphathi bakhe wababikela ukuthi walingeka ukusamukela.

“Kube nomhlangano lapho abaphathi bakhe bethi akahambe ngoba isiteshi sinezinhlelo ezinkulu zekusasa ngaye. Kodwa watshelwa ukuthi uma efuna ukuhamba ukhululekile ukuhamba futhi akekho owayezomvimba.”

Emuva kokubukisisa nokucabangisisa kahle, uHlophe uvele wathimula emsakazweni iMetro FM.

“Akukhona ukuthi lapha kuKaya FM unonogada emsebenzini, kodwa iqiniso wukuthi asikho isiqiniseko sokuthi uzoba sohlwini lweMetro FM ngo-Ephreli wonyaka ozayo ngoba izinto zakhona zishintsha kaningi,” kusho utipster.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE