Umsakazi we-Alex FM ophinde abe ngumphathi womculo uJoshua “Jorontinah” Mbatha udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku.

Umphathi siteshi uTakalane Nemangowe utshele abezindaba ukuthi uMbatha,oneminyaka engu-32 ubudala, ubesendleleni egodukayo esuka esiteshini ngesikhathi iqembu lezigelekeqe elihlomile liphuca yena nozakwabo ababili omakhalekhukhwini nezicathulo.

UMbatha walimala esifubeni waphuthunyiswa eMasakhane Clinic ukuze athole ukwelashwa.

“Imizuzu engamashumi amathathu yanele ukuthi avume” kusho uNemangowe.

UNemangowe wengeze ngokuthi ozakwabo, uSammy Ramodike noMatome Mookanedi, abalimalanga kodwa bahlukumezekile ngalesi sigameko.

Uthe:

Abakwazi nokukhuluma. Zichiphiza izinyembezi. Kuzothatha isikhathi ukuthi balulame. Umzuzu owodwa nihamba emgwaqeni [futhi] nibathathu, futhi ngomzuzu olandelayo omunye uphansi [futhi] izinhlamvu zindiza yonke indawo.
Umsakazi we-Alex FM ophinde abe yintatheli uTshepo Mosima utshele iNews24 ukuthi bathuthumela ngalesi sigameko.

Uthe usola ukuthi uMbatha udutshulwe ngoba ebona omunye wabahlaseli.

Ngaphambi kokufa kukaJoshua, wathi: ‘Ngiyabazi labo bantu. Ngiyabazi labo bantu.’ Omunye uzakwethu ucishe wadutshulwa ngoba abahlaseli besaba ukuthi uyababona,” kusho uMosima.

NgoJulayi nyakenye i-Alex FM yake yanyamalala ngemuva kokuthi izakhamuzi zigasela emahhovisi alo msakazo ngesikhathi kunesiphithiphithi zeba nemishini. Kuthiwa lesi siteshi sathola umonakalo olinganiselwa ku-R5 million.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE