Lokhu kuza ngemuva kokuthi umqondisi wezokuxhumana kwa-ICASA ethathe isinqumo sokuvala lesi siteshi somsakazo ezinskukwini eziyisikhombisa ezizayo.

Kodwa-ke,abasebenzi abangaphezu kwamashumi amahlanu bangalahlekelwa imisebenzi uma lesi sinqumo sisebenza.

I-ICASA isola umsakazo ngokungalandeli imibandela ethile ekubeni iziteshi ezingaphezu kwemihlanu zifake izicelo zokusakaza kule nhlangano ngaphandle kokuqaliswa.
Izizathu zokungaphunyeleliswa kwemibhalo yabezindaba azikacaci kusukela ngonyaka ka-2018.

Lesi senzo esishaqisayo sokuvala iZibonele FM sishiya abaningi nemibuzo engaphenduleki emuva kweminyaka engu-26 lo msakazo ungakaze uxabane ne-ICASA.

Izingxoxo zisasaqhubeka ukuzama ukuthola isixazululo, emuva kokuthi amanye amaphepha efakwe enkantolo yilesi siteshi okubalwa i-ICASA.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE