Umsakazi woMhlobo Wenene FM uBulelani Koyo udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhashana.

Lo msakazi ophinde abe ngumculi ushone ngemuva kokuba ebenzelwe ikhonsathi yokumsiza ekuqoqeni imali ukuze azothola imishanguzo.

Le khonsathi ebihlanganise abangani bakaKoyo,abaculi nozakwabo, ibiseGqeberha (ngeSonto).

Kulindeleke ukuthi uMhlobo Wenene ngoLwesibili wenze isimemezelo esisemthethweni ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Ungalalela umsakazo Umhlobo Wenene FM ku-My Radio Station App ku www.myradiostation.co.za/station/umhlobo-wenene-fm

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE