Imvula FM ayizange izivuselele izinkontileka zabasakazi abayisishiyagalombili.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilo msakazo sithi abaphathi bkmsakazo Imvula FM bathathe isinqumo sokungazivuseleli izinkontileka zabasakazi abayisishiyagalombili abajoyine Imvula FM ngesikhathi kunezinhlolokhono ezazibanjelwe eBlack Rock Casino eNewcastle ngoFebhuwari 2022 zaqala ukuzwakala emoyeni mhla lulunye ku-April 2022 ngemuva kokusayina inkontileka yezinyanga ezintathu yokuvivinywa.

Kubikwa ukuthi laba basakazi abayisishiyagalombili abakaze bakhiqize njengoba bekulindelekile futhi abakaze bahlangabezane nezidingo zomsakazo Imvula FM 98.5fm yingakho ngemuva kokuqeda izinyanga ezintathu besebenza kulo msakazo zingavuselelwa izinkontileka zabo.

Abaphathi be-Imvula FM bafisa ukuqinisekisa ukuthi azikho izinkontileka zokunqanyulwa kwabasakazi abayisishiyagalombili kodwa kwaba ukuphela kwezinkontileka kanti nezikhala ezivuliwe zizokhangiswa.

Imvula FM ifisela osakazi abayisishiyagalombili izinkontileka zabo ezingavuselelwanga uhambo oluhle oluphambi kwabo.

Funda isitatimende esingezansi:

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE