Abasalwenzi uhlelo lwasekuseni…

Abebengabethuli bohlelo lwasekuseni kuKaya 959,uThomas Msengana noSkhumba Hlophe, abaphumi kulo msakazo njengoba bekubikiwe phambilini. Laba babili bayiswe kwenye indawo.

IKaya 959 isinyakazise uhlu lwayo kanti esitatimendeni, kuvele ukuthi laba bobabili sebezophatha uhlelo lwakusihlwa: Last Call kusukela ngoMsombuluko kuya ngoLwesine, kusukela ngo-10 ebusuku kuya phakathi kwamabili, nangoLwesihlanu kusukela ngo-9 ebusuku kuya phakathi kwamabili. .

Osanda kwengezwa kulo msakazo umculi wowokholo ophinde abe ngumsakazi wethelevishini nasemsakazweni uKhaya Mthethwa ozobe ephethe uhlelo lwangoMgqibelo olusihloko sithi Noted phakathi kuka-9 ekuseni no-12 emini. Akamusha emsakazweni njengoba eke washayela ngokuhlanganyela uhlelo iSacred Space noThami Ngobeni ngeSonto kuMetro FM.

UDineo Ranaka uqale uhlelo lwakhe ngoLwesihlanu (namuhla) elushayela ngokuhlanganyela, uhlelo lwasekuseni olubizwa ngokuthi 959 Breakfast with Sol Phenduka and Dineo Ranaka kusukela ngo-6 ekuseni kuya ku-9 ekuseni.

“Umsakazo njengomsakazo usaqhubeka nokuba yinkundla eqinile yokuxhumanisa abantu, futhi imisakazo emhlabeni wonke kufanele ihlale ihlola futhi ijwayelane nezidingo ezishintshayo nendlela yokuphila,” kusho u-MD Sibongile Mtyali.

UMo noPhindi baphakathi kobuso obusha abajoyine umndeni weKaya 959, othathe izintambo ngeSonto phakathi kuka-9 ekuseni no-12 emini ngohlelo lwabo iThe Family. Umsakazi osemnkantshubomvu weKaya 959, uGeorge Manyosi, udlulela esigabeni sangeSonto sohlelo lwasebusuku lwe-jazz olubizwa nge-Jazz it Up phakathi kuka-9 ebusuku naphakathi kwamabili.

UKgomotso Meso,osesebenze neKaya 959 iminyaka engu-11, uzojabulisa abalaleli njalo phakathi nesonto ekuseni nge-Early Breakfast eyihora kusukela ngo-5am kuya ku-6am, okuwumdlalo othathwa njengongenazihibe wokulungiselela i-959 Breakfast. UMeso uthatha izintambo zoSuthu uLenkoe, ophuma esiteshini noCollin Kgari.

“Lokhu kulungiswa kwalolu hlelo kuwubufakazi bokuthi eminyakeni engu-25 yasungulwa, iKaya 959 isaphila ukuze ihlangabezane nezidingo zemakethe ukuze ihlale ihlinzeka ngezinhlelo ezisezingeni. Ukwengezwa kwamagama aziwayo afana noDineo Ranaka, Sol Phenduka, Khaya Mthethwa, Mo noPhindi, kanye nokuvuselelwa kwethalente lethu elimangalisayo elikhona kuyizinyathelo eziqinile iKaya 959 ezenzayo zokukhulisa lo msakazo uze ufike ezingeni eliphezulu kakhulu,” Kusho uMtyali.

Abanye abasakazi abasashintshile njengoba uThabo “Tbose” Mokwele eqhubeka nohlelo lwakhe lwaphakathi nesonto ekuseni nangeSonto ntambama. Abalaleli bazoqhubeka nokuthokozela ukuhambisana nabanye abasakazi abanohlonze abafana no-Andy Maqondwana, Sizwe Dhlomo, Gugulethu Mfuphi, Phemelo Motene, Bonolo “Beesting” Molosiwa, Sammy T Mundawarara, Nicky B, DJ Keyez, MaBlerh, Xola Dlwati noTyroline Franks.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE