Kuthiwa uKhuzani ugqugquzele uLwah ukuba angalubhadi emcimbini kaMthandeni eMdletsheni

0

Ngokwemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana, kuthiwa uKhuzani Mpungose ​​ugqugquzele uLwah Ndulunkulu ukuba angalubhadi emcimbini obuhlelwe ngumculi kamaskandi uMthandeni Manqele owaziwa ngeGcokama Elisha, obuseMdledsheni izolo, ukubungaza ingoma yonyaka iParis.

Kuthiwa uKhuzani ukhulume ne-Inkabi Records enqabela uLwah ukuya emcimbini obuseMdletsheni, nangempela kwenzeka lokho njengoba uLwah ebonakale ezinkundleni zokuxhumana ekhuluma embhedeni echaza ukuthi kungani engayanga kulo mcimbi.

Kuthiwa uBig Zulu naye ugqugquzele uLwah Ndulunkulu ukuthi angayi kulo mcimbi obuhlelwe uMthandeni ngemuva kokuthi ekhulume noKhuzani ukuthi bavimbe uLwah.

Kuthiwa selokhu kwaphuma ingoma ethi iParis, uBig Zulu akakaze ayincome ngisho nakanye kodwa azi kahle ukuthi ingoma inoLwah Ndlunkulu, akazange amgqugquzele uLwah ukuthi ayiphushe ingoma kodwa kunalokho wamkhohlisa uLwah ukuthi angayiphushi ingoma kaKhuzani,ukuze baphoxe abalandeli bakaMthandeni, kusho abantu ezinkundleni zokuxhumana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE