Umculi kamaskandi, Ithwasa lekhansela, ubanjwe inkunzi yizigebengu zase-Verelum enyakatho yeTheku,KwaZulu-Natal izolo emcimbini obusendaweni yaseMhlasini Lifestyle.

Liphendula iThwasa iKhansela lithe ubengayazi kahle indawo abeya kuyo, labe selicela izinsizwa ezimbili ukuthi zimlayele eMhlasi,kanti selizinikele ezigebengwini ezimphuce amafoni amabili, nakuba enandisile kulo mcimbi kodwa bekubonakala ukuthi akaphathekile kahle ngenxa yokubanjwa inkunzi.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nguBahubhe, Bongani Maduna, Ababekezeli nabanye abaculi kanti uhlelo beluphethwe ngumsakazi weZwi loMzansi FM u-Andile ‘Andizo’ Mthembu.

Ithwasa lekhansela libe selibonga ukuthi lezi zigebengu azilimazanga kanye namagidangoma akhe.

Umhlasi Lifestyle and Shisanyama ukhiphe isitatimende kuFacebook mayelana nodaba lokugetshengwa kweThwasa lekhansela emagcekeni abo kanti sifundeka kanje:

“Kubobonke Abalandeli Nabathandi Be Mhlasi Lifestyle Kanye Namaciko. Sicela Nisebenzise Le Location Yethu Kwi GPS Ithi :Umhlasi Lifestyle And Shisanyama. Izokuthatha Ikubeke Egcekeni. Ningamisi Izimoto Nibuz Abantu Eningabazi Izwe Alisalungile. Sidlulisa Kakhulu Ukuxolisa Kwi Ithwasa Lekhansela Ngokumehlele Kade Ezodlala Emcimbini Obubanjelwe Laykhaya. Siyaqinisekisa Ukuthi Sizolulandela Loludaba Lwezigila Mkhuba Ezidicilela Phansi Isithunzi Sendawo Kanjalo Nesomculi Omkhulu Kangaka Kwezika Maskandi”, kusho abaseMhlasi Lifestyle

Syabonga.

Umthombo: https://m.facebook.com/story.php?story_fbid=pfbid0zfVZDPRK5iPnZDYuFncaHJoeEQtcYUQkoP59YCJQLbvirJUjB42LGgbJmABFUkffl&id=100044448039406

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE