UMthandeni uhlushwa amaqola azenza yena

0

ISIHLABANI sikamaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele sexwayise abalandeli baso ngamaqola asebenzisa igama laso ukukhohlisa abantu.

Umculi weMalavisto uthe ucingo lwakhe lugetshengiwe futhi abakhohlisi basebenzisa inombolo yakhe ye-WhatsApp ukuze bacele imali kubantu abangabazi.

La maqola azenza yena acela abantu ukuthi bamthumelele imali ngokushesha ukuze akhululwe esiteshini samaphoyisa eSprings njengoba eseboshiwe.

UMthandeni utshele iDaily Sun ukuthi kungamanga futhi abagebengu benza lokhu ukudicilela phansi igama lakhe

“Olunye ucingo lwami luke lwagcwala izingcingo zabantu befuna ukuqinisekisa ukuthi yimina ngempela yini engibacela imali. Abantu kufanele baqaphele bangangeni kulolu gibe,” usho kanje.

UMthandeni, obeseSwatini ngempelasonto, uthe lokhu kuhlale kwenzeka uma engaphandle kwezwe.

“Ngonyaka odlule ngise-England ngabhekana nenkinga efanayo yokugetshengwa nokuqolwa abantu.

“Le nto isiqala ukungiphatha kabi futhi iyangicasula. Kodwa okwamanje, ngeke ngithathe isinyathelo.

“Ngifuna nje ukuxwayisa abantu ukuthi baqaphele ngoba umuntu obacela imali akumina,” usho kanje.

Umdansi kaMthandeni uMshovo Gazu utshele iDaily Sun ukuthi kukhona abantu abaqolwe imali efinyelela ku-R5 000.

“Umuntu ugetshe inombolo kaMthandeni kanti uqola abantu esebenzisa igama lakhe.

“Abantu kumele baqaphele idimoni elenza lokhu,” usho kanje.

Khonamanjalo, umsakazi woKhozi FM ophinde abe ngumlingisi weDurban Gen uZimiphi “Zimdollar” Biyela naye usexwayise abantu ukuthi bangaqolwa ngumuntu ozenza yena kuFacebook.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE