Umasipala waseMzimkhulu uqhuba uhlelo lokuxhasa abafundi abaphase uGrade 12

0

UMasipala waseMzimkhulu uyabeseka abafundi abaphase uGrade 12 nabangeniswe ezikoleni ezisezingeni eliphezulu, ngemali yokubhalisa mahhala.

Minyaka yonke uMasipala ukhokha imali engaphezu kuka-R400 000-00 kubantu abasha. Ngaphansi kobuholi beMeya, uCllr Jabulile Mzizi, uMasipala waseMzimkhulu nawo ubongela labo abenze kahle ezifundweni nasezikoleni ezenza kahle minyaka yonke ngaphansi kohlelo lokuklonyeliswa kukaMatric.

Kukhona konke lokhu uMasipala usebenzisana noMnyango wezeMfundo nezinye izinhlaka.

Esinye sezikole ezihamba phambili ngemiphumela engu-94.4% ka-2023, iSt Michaels High School, iNdabaylili kuWadi 5 sivakashelwe uMhlonishwa uMeya uCllr. Jabu Mzizi.

Lo mholi ovelele uhalalisele abafundi nothisha ngokusebenza kanzima ukuze abafundi bafinyelele kuleli zinga lempumelelo.

Uphinde wachazela abafundi balo nyaka ukuthi babhekene nenselelo yokwenza kangcono kulo nyaka ngoba basalelwe yifa okumele balivikele ngazo zonke izindlela.

Umbiko: https://m.facebook.com/story.php?story_fbid=pfbid02fAexB7mqhzgSoBMAkY17JEaqh36FvBhydbZazjPn6D5zyCGY6LKwxgmf1UXQiVVdl&id=100064532723574

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE