IsiFunda iHarry Gwala sithinteke kakhulu kwisimo semvula ehlasele KwaZulu-Natal

0

IsiFunda saseHarry Gwala esinye seziFunda sakulesi siFundazwe saKwa-Zulu Natal ,esithinteke kakhulu kwisimo semvula ehlasele.

Umzimkhulu wona ushayeke kakhulu njengoba sekushone abantu abangu-6 ezigamekweni ezehlukene,kanti kukhona umuntu oyedwa ongakatholakali.

Umasipala wesifunda saseHarry Gwala ngokubambisana noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA), nezeNhlekelele kulesiFunda ,uMasipala waseMzimkhulu ukwazile ukuvakashela imindeni ethintekile nokweseka,Umasipala udalule ukuthi uzoqhubeka ukukhuthaza nokubamba iqhaza ekuthungathetheni obangakatholakali.

Eshaqekile futhi elimele emphefumulweni ,iMeya yaloMasipala waseMzimkhulu Ohloniphekile uCllr. Jabulile Mzizi ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo kulemindeni ethintekayo. Lo mholi ,ufisa ukuthi uphinde unxenxe abantu ukuthi bagweme ukuthatha uhambo uma isimo sezulu sisibi.

Kucelwa umphakathi uxhumane nama Ward Committee noma amaKhansela lapho behlelwa yisimo senhlekele futhi baqaphele emigwaqeni ikakhulukazi uR56 njengoba kuningi okumoshakele nokukhukhulisekele emigwaqeni.

Umbiko: Umzimkhulu Municipality

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE