Kuphuphume injabulo ngesikhathi iMeya yaseJozini imemezela ukuvulwa kwesitolo sakwaPedros eJozini Mall

0

Isitolo sakwaPedros sivulwe ngelikhulu isasasa eJozini Mall, iMeya yaBantu yoMkhandlu waseJozini uMfanaNaye Mathe wethule ukuvulwa ngokusemthethweni kwalesi sitolo sokudla esidale namathuba omsebenzi kanye nentuthuko emphakathini waseJozini.

IMeya yeBantu, uMnuz Mfana Naye Mathe, ikujabulele ukwethula isitolo sakwaPedros eJozini namuhla.

Lesi sitolo sizothuthukisa umnotho waseJozini, siphinde silethe namathuba emisebenzi entsheni ngemuva kokuthi iMeya isebenze kanzima ukusinxenxa ukuthi size njengabatshalizimali nezimboni eJozini.

Lena ngeminye yemizamo kaMhlonishwa iMeya uMfanaNaye Mathe yokuheha abatshali zimali nezimboni ukuthi zihlale kuMasipala waseJozini ukuze kuthuthukiswe umnotho, intuthuko, kuphinde kwakhiwe amathuba emisebenzi.

Izithombe: Jozini Local Municipality | Facebook

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE