Umkhandlu waseMlalazi uzobhekana nezindleko zomngcwabo wentombazane eyazilengisa

0

UNokuthula “Thule” Cele, oshone ngokuzuma ngemuva kokuzilengisa ngentambo, uzofihlwa namuhla ngoLwesithathu kuWadi-5 eMpofane, KwaZulu-Natal.

UNokuthula “Thule” Cele oneminyaka engu-15 ubudala, obefunda uGrade 9 eNokhalela High School, uzibulele ngenxa yokugula okungapheli isikhathi eside kodwa eqhubeka nokufunda.

UNokuthula wahamba ekhaya ethi uya esikoleni afunda kuso eNokhalela High School.

IMeya uQueen Xulu kanye noKhansela uMlalazi bavakashele umndeni wentombazane ukuzokhalisana nayo ngoLwesibili ntambama.

UMkhandlu waseMlalazi uzathwala indleko zokumfihla ngohlelo lokufihla abadinga usizo.

Umufi ubeyiciko elinekusasa eliqhakazile njengoba ebeyimbongi enekhono.

Le mbongi eyaziwa ngisho nasesikoleni ngekhono layo,ishiye incwadi echaza isizathu sokuzibulala kwayo,yaphinde yashiya nenkondlo.

Kusukela kuqale leli sonto osonhlalakahle bavakashele lo mndeni ngenhloso yokululeka umndeni nomakhelwane.

Umfowabo,uPhilani Cele, uthi udadewabo uduke ngoMsombuluko kwazise ekhaya babazi ukuthi uye esikoleni, watholwa ngoLwesibili ezilengise ngentambo ehlathini eliseduze nomuzi wakubo.

UMasipala waseMlalazi uzobhekana nazo zonke izindleko zomngcwabo wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE