Umkhandlu waseJozini uqinisekisa ukuthi izindawo nedolobha lihlanzekile

0

Umkhandlu waseJozini oholwa uMhlonishwa iMeya uMfananaye Mathe wethule imigqomo kadoti ukuze izindawo zokuhlala namadolobha ahlale ehlanzekile.

Le migqomo emikhulu kadoti, eyishumi nantathu ngenani, izobekwa ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo uMkuze, Jozini, Bhambanana, Ndumo naseNgwavuma.

IMeya inxuse umphakathi nosomabhizinisi ukuthi basebenzise le migqomo yokulahla imfucuza ukuze kusizwe abasebenzi abaqoqa imfucuza bayithole endaweni eyodwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE