IMeya yeTheku ibiyingxenye yokuvulwa kwesibhedlela iDr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial.

0

IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda ubeyingxenye yokuvulwa ngokusemthethweni kwesibhedlela iDr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial.

IMeya uKhansela Mxolisi Kaunda uhlanganyele noMengameli Cyril Ramaphosa, uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uNomusa Dube-Ncube, uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla noNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNomagugu Simelane kanye namalungu omndeni wakwaSeme ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni iSikhumbuzo sikaDkt Pixley Ka-Isaka Seme. Isibhedlela kwaMashu izolo.

Isibhedlela esinemibhede engu-500 i-Dr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial sihlinzeka ngezinsizakalo zamahora nemini ezihlanganisa ezokwelapha zezingane, ezokubeletha nezabesifazane, ukuhlinzwa okuvamile, ukuhlinzwa kwamathambo, ukugula kwengqondo nempilo yengqondo, izibulala-zinzwa kanye ne-radiology.

Lesi sibhedlela sisiza amalungu omphakathi angaphezu kwesigidi esingu-1.5 aqhamuka ezindaweni ezifana neNanda, Ntuzuma, KwaMashu, Phoenix namaphethelo, futhi sehlise umthwalo wokunikezela ngezinsiza ezikhungweni zezempilo ezingomakhelwane eThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE