IMeya yaseMlalazi ihambele umngcwabo wabashone engozini enyantisayo eyenzeke ngeledlule

0

IMeya kaMasipala waseMlalazi, uMhlonishwa iNdlovukazi uXulu, iduduze imindeni emithathu ebandakanyeka esibhicongweni sengozi eyenzeka ngoLwesihlanu olwedlule.

Inkonzo yomngcwabo ibisezinkundleni zemidlalo eHabeni.

Kule ngozi kushone amalungu omndeni wakwaMncube, Nala noSkhakhane bonke abahlobene.

Kube nesililo emngcwabeni njengoba kudlule izinhloko zekhaya nezingane.

Izolo, ngoLwesihlanu bekufihlwa owakwaSkhakhane kanti owakwaNala uzofihlwa kusasa ngeSonto.

UMkhandlu waseMlalazi noMnyango wezokuThutha bafake isandla ekufihlweni kwamalungu ayisikhombisa ale mindeni kanti amanye asesibhedlela.

Umasipala waseMlalazi uthi eMlalazi basebenza ngokuzinikela, ngokuzimisela nangobuqotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE