IMeya yoMsunduzi yethule uMgungundlovu Bright Summer Festival Campaign

0

IMeya kaMasipala waseMsunduzi uMzimkhulu Thebolla wethule umkhankaso woMgungundlovu Bright Summer Festival Campaign.

IMeya uMzimkhulu Thebolla kaMasipala uMsunduzi wethule uMgungundlovu Bright Summer Festival Campaign okuwuhlelo oluyisu lokubeka iCity of Choice njengendawo yokuvakasha lapho umuntu engeke agcine nje ngokuthokozela imicimbi emikhulu yamathikithi kodwa nemfudumalo yempatho kwizivakashi, nokuphepha kweDolobha.

IMenenja kaMasipala uMapholoba, uSihlalo wephothifoliyo uCllr Zethu Sokhela, uCllr Phahla, abamele iKZN Botanical Gardens, MTN, nezinye izinhlaka ezihlanganisa nemithombo yezindaba ehlukene phakathi kwezihambeli.


Lo mcimbi obumangalisayo ubungowokukhangisa iDolobha laseMgungundlovu, ubumnandi, izindawo eziheha izivakashi kanye nakho konke okuhlinzekwa yidolobha kubahlali nezivakashi.

Umbono kaMasipala nge-Bright Summer Festival uwukuqhakambisa iDolobha ngokuthumela umlayezo kubahlali kanye nabo bonke abathanda ukuvakashela i-PMB, ukuthi inhloko-dolobha isikulungele ukwamukela amaholide.

“UMasipala uyalubonga uphiko lwezokuvakasha ngalolu hlelo, imicimbi ezayo yasehlobo ngeke igcine nje ngokuheha izivakashi, kodwa izophinde ibe neqhaza ekukhuliseni umnotho wendawo, ekudaleni amathuba emisebenzi, futhi izoba yisikhumbuzo sawo wonke amagugu atholakala edolobheni lethu. ”, kusho iMeya uThebolla.

Abagqugquzeli bemicimbi yaseMgungundlovu bazophatha uchungechunge lwemicimbi kuleli hlobo ukuze bakhe umoya wenjabulo ozojabulisa abahlali nabalindele izivakashi.

IMenenja yezokuVakasha, uNkk Mvelase evotini lakhe ubonge abagqugquzeli bomcimbi abazibophezele ekusebenzeni ngokubambisana ukwakha uMgungundlovu oqhakazile ngeBright Summer Festival.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE