Uhlelo lwe-Integrated Development Planning (IDP) seluqalile eMkhanyakude

Namhlanje umphakathi waseMtubatuba uphume ngobuningi bawo ngesikhathi iMeya uCllr Siphile Mdaka yethula izinhlelo zentuthuko edidiyelwe.

UMeya womasipala wesifunda uMkhanyakude uKhansela Siphile Mdaka

Namhlanje eMtubatuba eMfekayi ehholo laseNhlonhlweni uhulumeni ubonakale ehleli nabantu abesekayo ngezinhlelo zomkhandlu zokuletha amanzi ahlanzekile emphakathini abahlala kuwo.

IMeya uMdaka wethule izinhlelo zamanzi ngaphansi koMtubatuba futhi wezwakalisa ukuthi ubonga uNgqongqoshe Wezamanzi ngokwelula isandla sakhe ukusheshisa izinhlelo zamanzi.

Lapha uthe kunosonkontileka ojikelezayo othinta izigceme zaseMfekayi, namhlanje Kade uzobheka umsebenzi kuWadi 3 lapho umsebenzi uqhubeka kahle kakhulu kanti eBhobhoza kuyasetshenzwa ipayipi elibheke kwaMsane namawadi angaphandle.

Umhlangano ubuhlanganiswe yi-Operation Sukuma Sakhe/DDM

UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi nawo ubambe iqhaza ohlelweni lapho umphakathi waziswa ngobugebengu.

Uchungechunge luyaqhubeka kusasa lubheke eJozini kuWadi 18.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE