Kuboshwe amaphara abanjwe ebhilidini likaMasipala wesiFunda uMzinyathi entshontsha amapayipi ethusi (copper).

Lawa maphara abanjwe onogada benkampani iSiyajabula Security Services,ephethe udlawu ababeslubenzisela ukugqashula amapayipi ethusi (copper).

Kwenzeka lokhu nje kusanda kuvulwa icala eNquthu lapho izigebengu zebe amakhebuli axhuma ama-boreholes.Kuthe eMvoti kwavunjululwa ukhonkolo obekuvalwe ngawo isiphehlimanzi.

IMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uCllr PMS Ngubane uthi abantu kumele bazi ukuthi ingqalasizinda kamasipala ngeyabo futhi kumele bayivikele ingacekelwa phansi noma kanjani bethule nje.

IMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uCllr PMS Ngubane

“Sibhekene nenkinga yokuthi siqale phansi silungise izinto esezilungisiwe zakhokhelwa imali enhle, sibonga ukuthi laba abebentshontsha eMzinyathi babanjiwe futhi njengoba besemthethweni sinethemba lokuthi bazosithola isijeziso esibafanele,” kusho iMeya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE