Oqokelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu weDA
okhethweni lwango-2024 uChris Pappas obonwe KwaMai-Mai.

UChris Pappas oqokelwe esikhundleni sokuba ngundunankulu weDemocratic Alliance KwaZulu-Natal ophinde abe nguMeya womasipala waseMngeni ubonwe edla isidlo sasemini Kwa Mai-Mai, okuyimakethe yesintu eGoli.

Kule video, uPappas ubebonakala edla inyama eyosiwe nophuthu futhi ejabule.

UMasipala waseMngeni uke wehlisa isikhathi kulandela uhambo lokukhankasela ukhetho lwango-2024.

Nokho ukukhetha kwakhe indawo, naphezu kokuba esenkabeni yedolobha laseGoli, iyisizinda samaZulu kakhulu futhi ithandwa yinoma ubani ofuna izinto zobuciko zesintu, imithi kanye nabelaphi bendabuko.

UPappas usezakhele ugazi nodumo ezinkundleni zokuxhumana njengoba ejwayele ukubukwa njengomholi osebenza ngokukhulu ukuzikhandla esikhundleni sakhe sobuMeya. Enye into abamthandela yona abantu ukuthi ungumuntu omhlophe okhuluma kahle isiZulu, okumsiza ukuthi asebenzisane kangcono nemiphakathi yasemaphandleni emaphakathi neKwaZulu-Natal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE