Error

URodgers uthi ayikho imali yokubhekana nezinhlekelele eKZN

UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, usephumele obala eveza ukuthi lesi sifundazwe asinayo imali yokubhekana nezinhlekelele zakamuva.

“Uma ufuna ukwazi ukuthi singakanani emalini yethu yokusiza ezinhlekeleleni, leyo mali ayikho.”

Ngempelasonto kuqubuke imililo emikhulu ecekele phansi imizi yadlula nempilo yabantu eMidlands naseThekwini.

NgoJuni, inqwaba yabantu yasala dengwane ngenxa yeziphepho, okubalwa neziphepho ezingxenyeni ezithile ze-KZN.

URodgers ubengomunye wezikhulu zikahulumeni wesifundazwe ezivakashele eKenville Informal Settlement eDurban North lapho kucekeleke khona imizi engaphezu kuka-200 ngenxa yomlilo ngeSonto.

Uthe wonke umnyango kuzomele ubeke kabusha isabelomali sawo eqhulwini uma isifundazwe sizobhekana nezinhlekelele zakamuva.

URodgers wengeze ngokuthi i-KZN isalulama ngemuva kwezinhlekelele ezenzeke eminyakeni emibili nengxenye.

“Siyazi vele ukuthi engcindezini yokusebenzisa imali, kulo nyaka wezimali, kunengcindezi mhlawumbe sizogcina sisebenzise imali ngokweqile.

“Yingakho ngifuna ukukwenza kubaluleke kakhulu ukuthi ekuxoxisaneni kwethu nozakwethu kuzwelonke, kubalulekile ukuthi baqonde izinselelo zomnotho nezezimali ezibhekene nesifundazwe.”

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE