Error

Kushone izingane zesikole ezingu-12 engozini enyantisayo,itekisi yasha yangqongqa

Kushone izingane zesikole ezingu-12 zaseKokosi engozini eyenzeke ngaseWedela namhlanje ekuseni.

Abashonile ngabafundi baseRocklands Primary School naseLaerskool Blyvoor.

Umshayeli wetekisi elizimele abebehamba ngalo naye ushonile kule ngozi, eyenzeke ngezithuba zabo-06:40 ekuseni emgwaqeni ophakathi kuka-N12 ne-Blyvooruitzicht. Itekisi ishe yangqongqa endaweni ewumqansa yomgwaqo ngemuva nje kokujika ku-N12.

Yize kungakaziwa ukuthi le ngozi yenzeke kanjani kodwa bekukhona neveni. Ikhumbi obekuhamba ngalo izingane ishe yangqongqa.

Izikhulu ezehlukene zakwa-SAPS kanye noMnyango wezeMfundo, ezeMpilo kanye neziNhlalakahle bebematasa endaweni yesigameko. Bazibophezele ekuqinisekiseni ukwelulekwa kwengqondo kwabathintekile engozini nakumalungu omndeni athinteke kule nhlekelele.

Amanye amalungu omndeni athole ukwelashwa ngemuva kokuzwa ukuthi izingane zabo azikho phakathi kwalabo abaphuthunyiswe esibhedlela, futhi bashone engozini.

Ngokusho koMkhuzi wesiteshi saseFochville, uLt-Col Kgomotso Netshitangani, izidumbu zezingane ezishonile zishe ngendlela engaziwa. Ngalesi sizathu kuyodingeka bahlonzwe ngokuhlolwa kwe-DNA, okuzothatha cishe amasonto amabili kuya kwamathathu.

Yize le ngozi yenzeke ngaseWedela, icala liphenywa ngamaphoyisa eFochville, njengoba liwela endaweni yawo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE