Error

Sesinyuke safinyelela ku-20 isibalo sabahaqwe yi-Monkeypox kuleli

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango Wezempilo kuleli uthole izigameko ezine eziqinisekisiwe zalesi sifo.

Kubona kukhona abesilisa abathathu baseGauteng nowesilisa oyedwa waKwaZulu-Natal.

Ngokombiko wezempilo kuvele ukuthi ukwelashwa kwabangu-15 kuhambe kahle kanti abahlanu basalashwa esibhedlela. “Ukuba phezulu kwesibalo sabantu abelashwayo kukhomba ukuthi lesi sifo siyelapheka.

UMnyango wezeMpilo unxusa uma kukhona onezimpawu ze-monkey pox noma oke wathintana nabakhahlanyezwe yilesi sifo baphuthume emitholampilo eseduze ukuze bathole ukwelashwa ngokushesha,” kusho umbiko woMnyango wezeMpilo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE