Error

Amalungu e-MK Party ahlawuliswe u-R150 000 ngokususa udlame

INkantolo yoKhetho iyalele amalungu eQembu loMkhonto weSizwe (MK) uBonginkosi Khanyile noVisvin Reddy ukuthi akhokhe inhlawulo ka-R150 000 umuntu ngamunye.

Ngaphambi kokhetho lwangomhla zingu-29 kuNhlaba, bobabili baqoshwa bethi uma i-MK Party ingaveli ebhokisini lokuvota, kuzoba nezibhelu ezingakaze zibonwe. Ama-video asatshalaliswe kakhulu futhi abukwa abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video esakazwa ngabantu, uBonginkosi Khanyile uthe bazimisele ngokudela impilo yabo ngenxa kaJacob Zuma ohola iMK Party.

“Uma bekhipha i-MKP kanye noMengameli Zuma okhethweni njengobuso bomkhankaso bese bezama ukuthatha amalungelo ethu, ngeke kube nokhetho eNingizimu Afrika,” kusho uKhanyile ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE