Error

Isiguli sesifazane sishonele esibhedlela ngesikhathi kuqubuka umlilo

Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala ushonele esibhedlela ngesikhathi kuqubuka umlilo egumbini labagula ngengqondo.

UMnyango wezeMpilo eGauteng uqinisekise ukushona kwesiguli sesifazane, 35, ngemuva kokuqubuka komlilo esibhedlela iDr George Mukhari Academic enyakatho nePitoli.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku ophikweni lwezengqondo lwabesifazane kulesi sibhedlela, ngokusho kukaMotalatale Modiba womnyango.

“Ngezithuba zabo-18:35 kuqubuke umlilo omncane ekamelweni, kwathathwa izinyathelo ezisheshayo ukuvikela ukuphepha nempilo yeziguli.

“Umlilo usheshe wacisha, abezicishamlilo bawucisha, ngebhadi isiguli ebesivalelwe sithole ukulimala.

“Ezinye iziguli ezingu-17 kulolu phiko zikhishwe ngempumelelo zadluliselwa ophikweni lwezengqondo oluhlukile njengesinyathelo sokuzivikela.”

Ngokusho kukaModiba, isisulu sigcinwe ekamelweni elizimele ngoMsombuluko njengengxenye yokwelashwa kwaso ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngoJuni 20.

Imbangela yomlilo ayikaziwa kanti uModiba uthe udaba seludluliselwe emaphoyiseni ukuze aluphenye.

“Umnyango ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wesiguli njengoba ukhala ngokudlula emhlabeni kwendodakazi yawo. Kuzodingidwa nomndeni oshonelwe nemindeni yezinye iziguli. Nosizo lokululekwa luzotholakala.”

UMnyango wezimo eziphuthumayo edolobheni laseTshwane uthe abezicishamlilo bafike bathola ukuthi usucishiwe.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE