Error

Kushone ubaba nendodana yakhe ngemuva kokushokhwa wugesi

Amaphoyisa aseLimpopo aphenya isigameko okushone kuso ubaba nendodana yakhe ngemuva kokushokhwa wugesi esigodini saseGa-Mocheko ngaphandle kwaseLephalale, eLimpopo.

Amaphoyisa athi abashonile kubalwa ubaba oneminyaka engu-56 nendodana eneminyaka engu-31.

Ngesikhathi sesigameko ubaba kuthiwa ubelengisa ingubo entanjeni yokuneka eyakhiwe ngocingo.

Ucingo okukhulunywa ngalo lwaluxhunywe phakathi kwendlu nesihlahla.

Ngokusho kwamaphoyisa indodana izamile ukusiza uyise kodwa yaphinde yashokhwa wugesi.

Amaphoyisa asazoqinisekisa eminye imininingwane ngalesi sigameko.

Khonamanjalo,esifundazweni, kuboshwe owesilisa mayelana necala lokweba izintambo zethusi esiteshini sikagesi saseMtimba, eLephalale.

Amaphoyisa athi abehamba nomsolwa ubalekele ukuboshwa.

Umsolwa utholwe nezintambo zethusi zenani lika-R100 000.

Okhulumela amaphoyisa uMalesela Ledwaba uthe umsolwa uzovela enkantolo:

“Ngesikhathi bejahwa omunye wabasolwa ukwazile ukubalekela ukuboshwa kodwa abehamba naye wabanjwa ephethe isikhwama sesikole esasinamakhebula ethusi namagilavu. Umsolwa okusazonqunywa iminyaka yakhe uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLephalale maduze ngamacala okuphazamisa ingqalasizinda kanye nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe,” usho kanje.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE