Error

Owesilisa obeboshelwe ukubulala umfowabo ungeniswe esibhedlela washonela khona

Owesilisa obeboshiwe ngecala lokubulala umfowabo ungeniswe esibhedlela washonela khona. Umlisa oneminyaka engu-37 ubudala ungowaseLimpopo. Amaphoyisa ayaphenya ngemuva kwalesi sigameko.

Umsolwa waboshelwa ukubulala umfowabo nokuzama ukubulala unkosikazi nengane yomfowabo abasinda esigamekweni mhla zingu-13 kuNhlaba 2024. Umsolwa uboshiwe kusukela lapho. Lo mlisa ubike ukuthi ubegula ngesikhathi eboshiwe walaliswa esibhedlela,ngeshwa washonela esesibhedlela. Imbangela yokushona kwakhe ayikaziwa kanti amaphoyisa alinde ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kuqinisekiswe imbangela yokufa kwakhe.

Amaphoyisa avule idokodo lophenyo kanti aphenya icala. Kwesinye isigameko eLimpopo izithandani zitholakale sezishonile endlini yazo . Amaphoyisa athe asola ukuthi le ndoda ibulale unkosikazi wayo maqede yazikhunga kwelinye igumbi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE