Error

Zimkhalele owesilisa owadlwengula abesifazane ababili

Owesilisa uboshiwe wathweswa amacala angaphezu kwelilodwa okuhlanganisa ukudlwengula, ukweba nokubamba inkunzi.

Owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala wadlwengula abesifazane ababili abaneminyaka engu-16 no-25.

Wayehamba neqembu lakhe lezigelekeqe ngesikhathi edlwengula abesifazane . Kuthiwa ngemuva kokudlwengula abesifazane wathatha izimpahla zawo wabaleka.

Amaphoyisa aqala nophenyo. Umsolwa waboshwa ngo-2014 weqa ejele. Wadlwengula enye intombazane watholakala waphinde waboshwa.

Umsolwa ukwazile ukweqa ejele futhi, watholakala ngokushesha ephethe isibhamu. Waphinde waboshwa ngo-2024 waya emacaleni akhe. Umsolwa ugcine ethweswe amacala amathathu okudlwengula nokubamba inkunzi kanjalo nokweba. Inkantolo ithe bafuna ukubuyisa ezokuphepha emphakathini.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE