Error

Isoka lilengise ingane yomfana yentombi yalo eneminyaka emibili yashona

Isoka lilengise ingane yomfana yentombi yalo eneminyaka emibili ubudala yashona

Uthukuthele uyaveva umphakathi waseXholora eStutterheim e-Eastern Cape ngemuva kokulengiswa komfana oneminyaka emibili okuthiwa ulengiswe yisoka likanina.

Isoka elineminyaka engu-35 ubudala, lathatha ingane yentombi ngenkani, kwathi ngokuhamba kwesikhathi yatholakala isishonile esigangeni esiseduze budebuduze nasekhaya.

Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseStutterheim ngoLwesibili kanti izakhamuzi zishaye phansi ngonywawo zithi zizobe zigcwele ngaphandle kwenkantolo zifuna angayitholi ibheyili.

Okhulumela umndeni, uBabalwa Goroleki, uthe lesi sigameko sibashiye bedabukile.

“Silahlekelwe ngempela lapha. Sinenkinga yokulala ebusuku. Manje sekumele silungiselele umngcwabo futhi sidonsa kanzima siwumndeni sibuhlungu. Kufanele anqatshelwe ibheyili,” kusho uGoroleki.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE