Kushiswe ngophethiloli izithandani nengane yazo eMgungundlovu

Odabeni olushaqisayo, izithandani, uPhumzile Malinga oyingoduso ka-Ayanda ‘Mshubisi’ Buthelezi, nendodana yabo eneminyaka emithathu ubudala bashiswe ngophethiloli.

Lesi sigameko senzeke endaweni yaKwaPata eMgungundlovu, KwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi umuzi wabo ushe wangqongqa, umama nendodana yakhe bashona, ubaba usesibhedlela kulandela ukusha kanzima.

Umthombo: Igagasi fm izindaba

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE