Error

Bangaphezu kuka-200 abasebenzi bakaMasipala waseNewcastle abaxoshiwe abangabuyiselwa emsebenzini

Bangaphezu kuka-200 abasebenzi bakaMasipala waseNewcastle abaxoshiwe abangabuyiselwa emsebenzini, kusho inhlangano

Bangaphezu kuka-200 abasebenzi bakamasipala abaxoshwa ngo-2019 ngowayeyiMeya kaMasipala waseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba. Ngokusho kukamasipala, kwaqubuka umbhikisho e-Council Chamber ngoSepthemba 2019, abasebenzi abadinwe bevuka bevuka umbhejazane ngokungaholelwa isikhathi esengeziwe.

Ngesikhathi kuqhubeka lezi zinxushunxushu, kwasuka udlame omunye wabasebenzi ejikijela owayeyiMeya ngesitini. Njengoba abasebenzi, ikakhulukazi abeCommunity Services, bexoshwe ngokusemthethweni ngoNovemba 2019, lolu daba lwasheshe lwazithola seluseCCMA.

Manje, cishe eminyakeni emithathu kamuva, kubonakala sengathi ukushuba kwesimo ngale ndaba kusaqhubeka. Lokhu kulandela ukuphumela obala komthombo, oveze ukuthi abasebenzi baliwinile icala labo. “Abasebenzi abaxoshiwe balinqobile icala, batshelwa ukuthi babuyele emsebenzini ngoLwesihlanu, 1 July 2022. Nokho, labo ababuyele kuMasipala batshelwa ukuthi ngeke bakwazi ukungena lapho bebesebenzela khona phambilini.”

Ukwengeza, umthombo uthe laba bantu abangama-200+ manje sebedinga izimpendulo ezibambekayo. Ngokusho kwakhe ezinye zezikhundla bezifakwe wuMasipala waseNewcastle. “Kumele sazi ukuthi kwenzekani, njengoba abanye babasebenzi abaxoshiwe sebedlulile emhlabeni noma sebethole eminye imisebenzi okwamanje.”
Liphendula, uphiko lukamasipala oluzinze eNyakatho neKwaZulu-Natal luzigxekile lezi zinsolo lwathi, “Umasipala waseNewcastle uthanda ukuqeda ngokuphelele inkulumo-ze kanye nokungahloniphi ngalolu daba. Inkantolo ayikasikhiphi isinqumo esinjalo, noma i-CCMA.” Ukwengeza, uphiko lwezokuXhumana luveze ukuthi udaba lusasezinkantolo.

Yize bethi umasipala awukwazi ukukhuluma ngalolu daba, njengoba ungaphansi kwenkantolo, uphiko lwezokuXhumana luveze ukuthi umasipala awunalo ulwazi mayelana necala eliphethwayo.

Ngaphezu kwalokho, abezokuXhumana bagcizelele ukuthi lezi zikhundla azikagcwaliswa okwamanje futhi okwamanje, uMkhandlu kaMasipala waseNewcastle uzosebenza ngokwemiphumela yezinqumo zenkantolo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE