I-ANC icela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhekisise ezinye izindlela zikagesi njengoba izwe libhekene nenkinga yokucinywa kukagesi
Okhulumela i-African National Congress (ANC) uPule Mabe uthi iNational Executive Committee (NEC) yenhlangano isinxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babheke ezinye izindlela zokuthola ugesi osimeme.
Nokho-ke uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi kunosizo oluthile kulabo abasemiphakathini ehlwempu. Lokhu kwenzeka njengoba izwe lisaqhubeka nokuba sebumnyameni ngenxa yokucinywa kukagesi okwenziwa ngabakwa-Eskom.
U-Eskom uqalise ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha ezweni lonke okokuqala ngqa esikhathini eside.
UMabe utshela abezindaba ekomkhulu le-ANC eGoli ngoLwesithathu ngemiphumela yomhlangano we-NEC obungempelasonto edlule. Uthi abantu baseNingizimu Afrika bangabheka amandla elanga noma ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi ugesi utholakala.
“Lona akusewona u-1975 lapho abantu bakithi bebethembele ezitofuni namakhandlela, izinto sezishintshile. Ngakho-ke sidinga ukuphepha kwamandla ukuze sikwazi ukusiza futhi sithuthukise umzamo wokwakha kabusha umnotho kanye nokusimama.”
I-NEC iphinde yanquma ukuthi abaholi be-ANC bakudala nabakhona njengamanje abakhonjwe indlela embikweni we-State Capture kumele bavele ngaphambi kwekomiti elibhekele ubuqotho beqembu.
I-NEC iphinde yazwakalisa ukukhathazeka ngokunyuka kwentengo kaphethiloli okuqhubekayo okuholela ekwenyukeni kwentengo yokudla. Iqembu liphakamise ukuthi uhulumeni aqinisekise ukuthi kunezinhlelo zokungenelela ukusiza abampofu ezweni.