USiphiwe Tshabalala noReneilwe Letsholonyane babuyela kuKaizer Chiefs

UReneilwe “Yeye” Letsholonyane noSiphiwe “Shabba” Tshabalala, izingqalabutho ezimbili zeKaizer Chiefs, kuthiwa bazobuyela eNaturena.

Ngokwemibiko bobabili uYeye noShabba kubikwa ukuthi bazobuyiselwa ezikhundleni zabo ezingeni lokuthuthukiswa kwaMakhosi.

UYeye uzoba yimenenja yeqembu bese uYeye eqeqesha iqembu le-DStv Diski Challenge.

UShabba usuke kuMakhosi waya eqenjini laseTurkey iBB Erzurumpspor. Kodwa-ke, izinkinga zezezimali zeqembu zimenze washiya kusenesikhathi.
Esebuyile wajoyina AmaZulu FC kodwa wawashiya kungazelele muntu kulandela ukungaboni ngaso linye nomqeqeshi Usuthu uBenni McCarthy ngaleso sikhathi.

Ngokubika kwe Soccer Laduma, ukubuya kwalaba badlali ababili kuyenzeka ngempela. “Njengoba kuxoxiswane eKaizer Chiefs Village, iSiya crew yazisiwe ukuthi iqembu liyakhuphuka futhi lisezingxoxweni ezithuthukile zokubuyisela izihlabani zakudala uReneilwe Letsholonyane noSiphiwe Tshabalala eqenjini,”

“Imithombo iveze ukuthi iChiefs kusolakala ukuthi inikezwe uhlelo lokubamba iqhaza ohlwini lwababeyimenenja yeqembu, olusuka eqenjini elidlala kuDStv Diski Challenge, lifinyelele kwamanye amaqembu eGauteng Development League,” Soccer Laduma.

kubikwe kuhlelo lwabo lwakamuva.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE